Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bheka, uqondisile abaningi; uqinisile izandla ezibuthakathaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Yebo, ubafundisile abaningi, waqinisa izandla ezintekenteke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bheka, ufundisile abaningi, waqinisa izandla ezibuthakathaka.

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:3
21 Referans Kwoze  

Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.


Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.


Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,


INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.


Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo.


Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela.


Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.


Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.


“Abantu bangilalela belinda; bathula ngesiluleko sami.


Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Siyoni! Izandla zakho mazingadangali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite