Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa bayagxotshwa, bayabhubha kuze kube phakade kungekho nonake utho ngabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bayachithwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa;

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:20
14 Referans Kwoze  

uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe; abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”


kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.


Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni, angabi negama ezweni.


Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.


Uyamsukela kuze kube phakade, amuke; uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.


Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.


Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema, wamuka engakhalelwanga muntu; bammbela emzini kaDavide, kepha kungesemathuneni amakhosi.


Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite