Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:17
25 Referans Kwoze  

“Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.”


O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?


Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,


“Usho uthi lokhu kulungile na? Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’


Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na?


Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi:


Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.


Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.


Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite