Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa wonke amathambo ami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngehlelwa yingebhe nokuthuthumela, okwathuthumela onke amathambo ami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:14
11 Referans Kwoze  

Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe, nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.


Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu.


UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo.


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho.


uyangesabisa ngamaphupho, ungethusa ngemibono,


Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,


Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite