Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 39:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngubani owakhulula imbongolo yasendle? Ngubani owathukulula izibopho zikababhemi wasendle?

Gade chapit la Kopi




UJobe 39:5
13 Referans Kwoze  

Bheka, njengezimbongolo ehlane bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla; ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.


Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.


Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?


Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.


Ngokuba benyukele e-Asiriya bezihambele njengezimbongolo zasendle; u-Efrayimi uyaqasha ngenkokhelo yothando.


waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.


Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho, zihogela umoya njengamakhanka; amehlo azo ayaphela, ngokuba kungekho tshani.”


nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayikukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.


ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,


“U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.


Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.”


Amazinyane azo aqina, akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi.


Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite