Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 39:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ungayethemba yini, ngoba amandla ayo emakhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uzathembela kuye, ngoba amandla akhe makhulu? noma uzoshiya umshikashika wakho kuye na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 39:11
16 Referans Kwoze  

Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.


Lapho kungekho khona izinkomo, umkhombe awunalutho, kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.


Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu.


lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,


Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Base bethwesa izimbongolo zabo ngamabele abo, bamuka khona.


Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.


UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”


UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo, banzima ezilwaneni eziyethileyo.


Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?


Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho, na?


UNkulunkulu wabakhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite