Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 38:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngubani owavala ulwandle ngezicabha ekugqabhukeni kwalo, kungathi luphuma esizalweni na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 38:8
13 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo.


Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.


lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,


Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.


nalapho ngalumisela umncele wami, ngamisa imigoqo nezicabha,


UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo.


Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,


lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo, nesigayegaye saba yimbeleko yalo,


Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?


Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo* namagquma ngezisindo, na?


Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite