Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 38:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba? memezela, uma unengqondo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 38:4
18 Referans Kwoze  

Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.


nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?


ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.


Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


“UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.


Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.


Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.


Ungumuntu wokuqala owazalwayo na? Wavela ngaphambi kwezintaba na?


Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?


Walulekana nobani waze wamqondisa, wamfundisa indlela yokwahlulela, wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na?


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,


Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.


UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite