Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 37:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uyakwazi ukulinganisa kwamayezi, izimangaliso zalowo opheleleyo elwazini?

Gade chapit la Kopi




UJobe 37:16
15 Referans Kwoze  

Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini.


Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?


Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.


yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.


“Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.


Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani, enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?


wena ozingubo zakho zifudumala, lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?


asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite