Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bheka, uNkulunkulu unamandla, akadeleli muntu; Unamandla amakhulu nokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:5
17 Referans Kwoze  

Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?


Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?


Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?


Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.


“Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.


wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite