Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uma belalela futhi bemkhonza, bayochitha izinsuku zabo ebuhleni neminyaka yabo ebumnandini.

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:11
21 Referans Kwoze  

kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezi zinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe,


Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.


ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’


Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho,


“Mawujwayelane naye, ube nokuthula; ngalokho okuhle kuyakufika kuwe.


Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.


Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.


Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.


abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe;


Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite