Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:19
28 Referans Kwoze  

Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.


Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.


Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.


“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.


Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?


Niyakubuvuma ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu, na?


Uthela izikhulu ngehlazo, akhumule imbonya yonamandla.


Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?


nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,


Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.


Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.


oshoyo enkosini ukuthi: ‘Muntu omubi,’ nasezikhulwini: ‘Mashinga,’


Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite