Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, enze bazuze yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngomsebenzi womuntu uyakubuyisela kuye, kube yilowo nalowo athole njengezindlela zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:11
18 Referans Kwoze  

Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


“Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.


oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?


Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye, abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.


Ngalokho uyazi imisebenzi yabo; uyabagumbuqela ebusuku, bachotshozwe.


Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye.


Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.


UJehova uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe, lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite