Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho-ke ngilaleleni nina madoda anokuqonda! Kukude noNkulunkulu ukuthi ubengenza ububi; nokaSomandla, ukuba enze okubi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:10
19 Referans Kwoze  

Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na?


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.


Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.


Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?


Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe, kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.


“Abantu abanokuqonda bayakusho kimi, yebo, nezihlakaniphi, lapho zingizwa, ziyakuthi:


Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.


Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


UJehova ulungile phakathi kwawo, akenzi okubi; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni, akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite