Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 32:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa kukhona umoya kumuntu, futhi ukuphefumula kukaSomandla kubanikeza ukuqonda.

Gade chapit la Kopi




UJobe 32:8
24 Referans Kwoze  

Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?


Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’


khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,


U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,


Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.


UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.


Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,


Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.”


Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.


Umoya womuntu uyisibani sikaJehova, siphenya konke okuphakathi komuntu.


UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo, amfundise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite