Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 32:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Mangingenzeleli muntu, noma ngincetheze kunoma ngubani,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, futhi ngingavumi ukuthopha umuntu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 32:21
18 Referans Kwoze  

“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Niyakubuvuma ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu, na?


Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.


Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.


uJowabe inceku yakho wenzile lokho ukuba aphendukezele ubuso bendaba; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu ukwazi konke okusemhlabeni.”


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.


Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.


Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.


Koze kube nini nahlulela ngokungalungile nikhetha ubuso bababi na? Sela*


Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.


“Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite