Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 31:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Inhlekelele ayehleli yini abangalungile, nengozi izikhohlakali na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Akukhona yini ukubhujiswa kwababi? nesijeziso esiyinqaba kubenzi bokubi na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 31:3
21 Referans Kwoze  

bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;


abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa


“Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.


Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile, afeze isenzo sakhe, isenzo sakhe esimangalisayo.


Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela, kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.


Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo, kepha incithakalo ikubenzi bokona.


lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.


Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”


Ububi buyakumlambela, ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.


Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu, nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”


“Kukangaki isibani sababi sicimeka, nengozi ibehlela, babelwe izabelo ngentukuthelo, na?


Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.


Owesifazane othile waphonsa imbokodwe ekhanda lika-Abimeleki, wachimiza ikhanda lakhe.


Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite