Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 30:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Lapho ngilindele okuhle, ububi bangehlela; kwathi ngilindele ukukhanya, kwafika ubumnyama.

Gade chapit la Kopi




UJobe 30:26
14 Referans Kwoze  

Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.


Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.


Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle, lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


“Ngase ngithi: ‘Ngiyakufa esidlekeni sami, ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.


ngokuba anginqunywanga, bungakafiki ubumnyama; wangifihlela ukuhlwa.


Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.


Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.


Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe, nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.


Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni, kungesikho ekukhanyeni.


Ngalokho ukwahlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; sihlalela ukukhanya, kepha bheka, ubumnyama; silindela imini, kepha sihamba ekuhlweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite