Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 30:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 30:23
12 Referans Kwoze  

Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.


Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe, njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.


Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,


Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi: ‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’


Lapho nabancane nabakhulu bayafanana; isigqila sikhululekile enkosini yaso.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke; nokho uyangichitha.


“Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite