Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise.

Gade chapit la Kopi




UJobe 3:5
25 Referans Kwoze  

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.


Ubumnyama bubekelwa umkhawulo; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?


Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa, lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.


Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


nimfune owenza isiLimela neMpambano, ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa, ayenze imini ibe mnyama njengobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.


Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”


Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini,


uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe, usimboze ngethunzi lokufa.


Ubuso bami bubomvu ngokukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,


Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.


Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, ukukhanya makungakhanyiswa kulo.


Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.


Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite