Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, ukukhanya makungakhanyiswa kulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Lolo lusuku malube ngubumnyama, uNkulunkulu ephezulu makangalunaki, ukukhanya makungakhanyi kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangaliboni phezulu, nokukhanya makungasikhanyiseli.

Gade chapit la Kopi




UJobe 3:4
9 Referans Kwoze  

Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,


Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Wo kinina enifisa usuku lukaJehova! Luyakunisizani usuku lukaJehova? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.


“Makubhubhe usuku engazalwa ngalo, nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’


Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite