Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 27:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Makube kude nami ukuba nginenze abalungileyo; ngize ngife, angiyikuthatha ukonakala kwami kimi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 27:5
17 Referans Kwoze  

Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.


Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.


Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.


Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.


Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


Ake niphenduke, kungabikho ukungalungi, nibuye niphenduke; indaba yami ilungile.


mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.


Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.


Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite