Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 27:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Abantu bayakumshayela ihlombe, bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Amadoda ayomshayelela izandla amshaye ikhwelo asuke endaweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 27:23
15 Referans Kwoze  

Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”


Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.


Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.


Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.


Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.


Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.


“Impela ukhona umthapho wesiliva, nendawo yegolide abalicwengayo.


Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe; ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,


Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho; umvimbo wakho unzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe, ngokuba ngubani ububi bakho obungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite