Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 26:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bheka, lezi yizingxenye zezindlela zakhe, kepha kuncane kangakanani okuzwiwayo ngaye? kepha ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 26:14
16 Referans Kwoze  

Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Izwi likaJehova liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.


Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?


Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?


“Kwanyenyiselwa kimi izwi, indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.


Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”


Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.


UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.


Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona.


Kuqhamuka ukubengezela kunjengokukhanya; imisebe ivela esandleni sakhe, efihla lapho amandla akhe.


Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi, nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite