Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 26:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Unyakazise ulwandle ngamandla akhe; ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uyadabula ulwandle ngamandla akhe, nangokuqonda kwakhe uyahlula abazidlayo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 26:12
16 Referans Kwoze  

NginguJehova uNkulunkulu wakho ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


“UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.


Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,


Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Izinsika zezulu ziyathuthumela; ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite