Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 25:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Likhona yini inani lamabutho akhe? futhi ngubani ongaphakamisi ngobani?

Gade chapit la Kopi




UJobe 25:3
16 Referans Kwoze  

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;


Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na?


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.


Abacibishelayo bakhe bangihaqa; uyaqhekeza izinso zami engenasihawu; uchithela inyongo yami emhlabathini.


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite