Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya; abazi indlela yakho, abanamatheli emikhondweni yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bangabahlubuki ekukhanyeni; abazazi izindlela zakhe futhi abahlali emikhondweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:13
26 Referans Kwoze  

nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.


abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”


Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.


Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.


Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.


Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi.


ukuba ubambe amagumbi omhlaba, ababi bathintithwe kuwo, na?


Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite