Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 24:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Abantu bayabubula besemzini, nomphefumulo wabalimeleyo uyakhala;

Gade chapit la Kopi




UJobe 24:12
23 Referans Kwoze  

Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa, njengalokho nomzalwane wethu othandekayo uPawulu wanilobela njengokuhlakanipha ayekuphiweyo,


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?” Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”


“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova, “lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova, “negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.


Ngokuba ngingodingayo nompofu; inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.


Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela, baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala.


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.


Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?


Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi; banyathela izikhamo zewayini, kepha bayoma.


“Bakhona abakuhlubukile ukukhanya; abazi indlela yakho, abanamatheli emikhondweni yakho.


Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.


Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite