Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 23:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza.

Gade chapit la Kopi




UJobe 23:13
21 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,


Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.


Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.


Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Usuzakuthi kimi: “Usasolelani yena na? Ngokuba ngubani ongamelana nentando yakhe na?”


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?


noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.


Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu; ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye.


mina engibiza inqe empumalanga nomuntu wecebo lami ezweni elikude; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite