Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 23:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.

Gade chapit la Kopi




UJobe 23:10
32 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.


Ake niphenduke, kungabikho ukungalungi, nibuye niphenduke; indaba yami ilungile.


nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na?


Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye, mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.


nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali.


mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.


Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.


Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.


noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.


Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Kepha wena Jehova uyangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yami ukuthi injani kuwe; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite