Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 22:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na? Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “UNkulunkulu akekho yini phezulu ezulwini na? Bheka, izinkanyezi eziphakemeyo ukuthi ziphakeme kangakanani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UNkulunkulu akakho yini endaweni ephakeme yezulu? futhi bheka ukuthi izinkanyezi ziphakeme kangakanani, ukuthi ziphakeme kangakanani!

Gade chapit la Kopi




UJobe 22:12
10 Referans Kwoze  

Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.


Kuphakeme njengezulu – ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


“Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?


Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.


Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite