Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 21:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe, njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakumlandela njengokuba bengenakubalwa nababephambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Amagabade esigodi azakuba mnandi kuye, njalo bonke bazamlandela, njengabanengi phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 21:33
11 Referans Kwoze  

Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.


Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade.


Bayaphakanyiswa; emva kwesikhashana abasekho; bayaphela njengabanye, bafe; babuna njengezihloko zezikhwebu.


Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo, lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.”


abathokoza baze bethabe, bajabule, uma belithola ithuna,


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite