Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 21:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi, Yena owehlulela abaphakemeyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ingabe ukhona ozofundisa uNkulunkulu ulwazi? kuyilapho Yena ehlulela labo abaphakemeyo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 21:22
23 Referans Kwoze  

Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”


Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.


nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,


Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.


“Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na?


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu; uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.


“Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”


“Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?


osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’


Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi, nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;


Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala;


Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo, lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?


Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?


Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.


Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaJehova ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani oqaphele izwi lakhe, walizwa, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite