Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 21:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo, bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Mazikubone ukubhubha kwazo ngamehlo azo, ziphuze intukuthelo kaSomandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amehlo akhe ayakubona ukubhujiswa kwakhe, aphuze ulaka lukaSomandla.

Gade chapit la Kopi




UJobe 21:20
16 Referans Kwoze  

naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.


IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.


Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.


Uyalala enothile, angakuphindi kodwa; uyavula amehlo akhe, abe engasekho.


Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo, lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?


bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


“Ngokuba yilowo nalowo uyakufa ngobubi bakhe; bonke abantu abazidla izithelo zomvini ezimuncu amazinyo abo ayakuba buthuntu.


Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami, umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.


Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite