Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 20:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe; abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa uyabhubha kuze kube phakade njengamalongwe akhe; abambonileyo bayothi: Uphi na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 20:7
16 Referans Kwoze  

ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba womhlabathi.


Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?


isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: ‘Nangu u-Izebeli.’ ”


bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele.


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


Uma echithwa endaweni yakhe, iyakumala ngokuthi: ‘Angizange ngikubone.’


Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.


Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.


Uyamsukela kuze kube phakade, amuke; uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.


Uyalala enothile, angakuphindi kodwa; uyavula amehlo akhe, abe engasekho.


Uyakubafuna, ungabafumani kodwa, labo bantu abaxabana nawe; abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.


Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’


Izitha zami zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzakufa nini, igama lakhe lichitheke, na?”


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite