Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 20:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba wacindezela, wabashiya abampofu; ngoba wathatha ngendluzula indlu angayakhanga;

Gade chapit la Kopi




UJobe 20:19
28 Referans Kwoze  

“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?


Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo, nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.


Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.


Ukuphahlaza phansi kwezinyawo zonke iziboshwa zasemhlabeni,


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.


Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu, wahlubula abampofu izingubo zabo.


Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe, kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.


Uyakukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na?’ Bese wukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini, lihlanjululwe kasikhombisa.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo, nenichezukisa abampofu esangweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite