Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wasethatha isitsha sobumba ukuze azinwaye ngaso; wahlala phansi emlotheni.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:8
14 Referans Kwoze  

Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”


Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.


bezwakalise izwi labo phezu kwakho, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami.


Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami.


UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.


Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;


Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite