Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wayesethi uJehova kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa usindise impilo yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:6
15 Referans Kwoze  

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”


Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wathi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”


Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite