Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:4
15 Referans Kwoze  

Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?


Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”


Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.


Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.”


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.


Kepha izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu, siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”


Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe, kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.


Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite