Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bahlala phansi naye izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akwabakho owakhuluma naye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:13
12 Referans Kwoze  

Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.


Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.


Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma.


“Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe, uyakukhathazeka na? Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?


UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.


UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.


Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.


“Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.


Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo, abhince indwangu yamasaka. Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite