Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:10
30 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;


Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”


UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu. UDavide wathi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”


Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”


Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.


Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.”


Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile.


Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.


Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”


UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”


Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho.


Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.


Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.


USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.


Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite