Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 19:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uyibiyile indlela yami ukuze ngingadluli, ubeke ubumnyama emikhondweni yami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 19:8
16 Referans Kwoze  

nomuntu ondlela yakhe isithekile, uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?


Ungibiyele ukuze ngingaphumi, wenza amaketanga ami ukuba asinde.


Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa imikhondo yami.


Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.


Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


“Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo, ngokuba ngiyakubehlisela okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.


Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.


ngokuba anginqunywanga, bungakafiki ubumnyama; wangifihlela ukuhlwa.


Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka.


Ngalokho ukwahlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; sihlalela ukukhanya, kepha bheka, ubumnyama; silindela imini, kepha sihamba ekuhlweni.


Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite