Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 18:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe, nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso, nesibani saso siyacima phezu kwaso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukukhanya kuyakuba mnyama etendeni lakhe, nesibani sakhe siyakucinywa kanye naye.

Gade chapit la Kopi




UJobe 18:6
11 Referans Kwoze  

nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,


Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.


“Kukangaki isibani sababi sicimeka, nengozi ibehlela, babelwe izabelo ngentukuthelo, na?


Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.


Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.


Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma, nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.


Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite