Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 18:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uyakuxoshwa ekukhanyeni ayiswe ebumnyameni, axoshwe ezweni.

Gade chapit la Kopi




UJobe 18:18
17 Referans Kwoze  

Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.


izwe lobumnyama obunjengesigayegaye nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi, lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ”


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.


Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.


Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.


uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho, ungahlalisi ububi ematendeni akho,


Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


“Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu emphefumulweni ukuphila;


Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.


Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.


Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke; uyambhengula endaweni yakhe.


Abantu bayakumshayela ihlombe, bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.


Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo, akulahle njengegabade ezweni elibanzi. Uyakufela khona, lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho wena hlazo lendlu yenkosi yakho.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite