Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 18:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni, angabi negama ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni, kungabi bikho okhumbula igama laso emigwaqweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Inkumbulo yakhe iyoshabalala emhlabeni, futhi ngeke abe negama ezitaladini.

Gade chapit la Kopi




UJobe 18:17
13 Referans Kwoze  

Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Inzalo yakhe mayinqunywe; igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.


Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.


Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”


Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha; izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.


Isizalo siyamkhohlwa; izimpethu ziyamsobozela; akasayikukhunjulwa; ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.


Mabeme phambi kukaJehova njalo, kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.


Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.


Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.


Izitha zami zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzakufa nini, igama lakhe lichitheke, na?”


Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.


Abafileyo ababuyi baphile, izithunzi azibuyi zivuke; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite