Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 18:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ingebhe iyasethusa nxazonke, isezithendeni zaso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ukwesabeka kuyomethusa nxazonke futhi kumenze ame ngezinyawo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 18:11
22 Referans Kwoze  

Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.


Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.


Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha, bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: ‘Luvalo nxazonke.’


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Uthukuselwe inkintshela emhlabathini, nesihibe emgwaqweni.


Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.


Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,” kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.


Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu, nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala.


Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.


Ngalokho izingibe ziyakuhaqa; uvalo oluzumayo luyakwethusa.


Ingebhe iyamehlela njengamanzi; isivunguvungu siyamphephula ebusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite