Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 17:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.

Gade chapit la Kopi




UJobe 17:9
26 Referans Kwoze  

Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo, bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.”


Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.


Akashongo kimi ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na? Naye uqobo wathi: ‘Ungumnewethu.’ Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.”


Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala,


Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe –


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.


sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,


Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.


Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki; inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Nxa izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani na?”


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela*


Lapho sidlula isivunguvungu, akasekho omubi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade, kepha ababi abayikuhlala ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite