Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 16:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini, ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini, nobufakazi bami buphakeme.

Gade chapit la Kopi




UJobe 16:19
16 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”


Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi,


Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,


Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele


Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu,


“Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”


Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.


Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo.


Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona; ekupheleni uyakuma othulini.


Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu, nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?


Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*


Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite