Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 15:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Wakuzwa yini okwakhulunywa emkhandlwini kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Usuyizwile imfihlo kaNkulunkulu na? wena uzigcinele ukuhlakanipha na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 15:8
18 Referans Kwoze  

Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”


Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaJehova ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani oqaphele izwi lakhe, walizwa, na?


Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.”


Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami, lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;


“Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.


“Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite