Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 15:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngokuba iziphambeko zakho zifundisa umlomo wakho; ukhetha ukukhuluma kwamaqili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba ububi bakho bukhuluma ububi bakho, ukhetha ulimi lwabanobuqili.

Gade chapit la Kopi




UJobe 15:5
19 Referans Kwoze  

Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.


Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo


Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.


Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.


Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.


Yebo, uyachitha ukwesaba, unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.


Ububi bakho abubukhulu yini? Izono zakho azinakuphela.


Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.


Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite